Thath'inhliziyo angisenandaba,
Thath'inhliziyo angisenandaba, Kukhona 'banganayo inhliziyo baphakathi kokufa nokuphila , mina ngiyaphila nginehliziyo kodwa ngiphila kab'hlungu, lzizukulwane nezizukulwane 'zinye ziphilela emabhodleleni zisesencane , Mina ngimdala ngile kodwa ngiyalinyazwa futhi ngiyahlukunyezwa, Sengicabang 'ukunika 'banganayo inhliziyo, Ngifelani mina le ngaka ? Kodwa bangenza ngathi 'nhliziyo anginayo njengomuntu, Eyabani leyo ephila njengomshini ? Lowo mhlobo uvelaphi njengomshini? Labo bantu bahamba kusiph 'sithuthi ? Kulabo abasihambayo ngoba bona bayazi bayogcina ngani , Mina ngigibela kuso kufana nokuthi ngizifak ' emanzini ngoba 'nginayo leyo nhliziyo bon 'abanayo Kodwa ngingumuntu, Ubumnyama buleth' ukukhanya, Ukubekezela kuleth ' impumelelo, Le yami 'mpilo ithulile kumnyama, Ubani loyo muntu engiyomtshela konke ? Ubani loyo muntu oyongisiza kunje ? Sengimane ngizishisa ngomlilo , Thathan 'inhliziyo nami ngizokwazi uk'phumula khona noma yiph' indawo , Ngizazibona nami ukuthi ngiyaphi ,
Poetry Books 50% Off
Bestselling collections from top poets
