KANTI SENZANI KUNINA MADODA
Kanti yini lengaka esayenza kunina bantu besilisa? singabesizane busuku nemini thina suyakhala phela ezethu izinyembezi sezaphenduka ukudla kwethu kwemihla nemihla Phela ezethu izinhliziyo, Ziphukile zigobhozau Igazi Ngisho sesizama ukuzimboza Akuvumi kugcina sekuqhume yona lento esizimboza ngayo Inhliziyo iqhubeke igobhoze Igazi Angithi phela mina ngiyimbongi ukudlala ngolimi izinto zami Ake ngithi ukukudlale ngezenzo abanye bedlala ngenkotha kuyosho wena wotha Mina ngingo wesifazane osehlukumezekile kakhulu ngenxa yowesilisa othile amanxeba wami namanje awakapholi ngiyafisa ukwazi ukuba ngabe eyami inhliziyo iyokuthola yini na? ukuphumula maye Kanti kwenzenjani sicela usizo Mina vele angisena bani kulomhlaba vele bathi intandane enhle ngumakhothwa ngunina. Kepha kekimina ngaba nebhadi ngoba owami umama washesha Wangishiyi kulomhlaba Phela mina sengaphebnduka inkomo ezidlela yodwa. Yazi lendoda Uma isondela ngivele ngiqhaqhazelise okwetshwe licwile emanzini Ndoda Uma kuwukuthi khona engakwenza kuwe ngicela ungxolele. Kungebnzeka ukuthi mhlambe izono zabazali bami Kanti ngabe azinamkhawulo yini ngiyavuma bathi izono zabazali zewela ebantwaneni kepha zengikhathele. Konke sengikubeka kumdali
Poetry Books 50% Off
Bestselling collections from top poets
