Ingwiji khwebu yothando
yize noma senga sithela ngomkhono ngafaniswa nensonyama esweni lama ntshikazana kepha lowo akusiwo umamuko. Ngiyazi senga shabalala kuhle kwama zolo ebona impakama ngahamba amalombo kanye nama solokhohlo komame kepha lokho akusho ukuthi umzwilili wenu sewa jubalala wabamba inyathuko yaphakade esizibeni semi cabango yami. Impela inhliziyo yami isabhakuza kuhle kwe yelanda uma libona isbhakabhaka uma ngetshisa ngezikhathi zoku mpilingwana noku shwilingana kwami. Kephake sothini kwazise phela uthando lufana nemvula lusifica somile lusimanzise lusishiye simanzi , uma sithi siyoma luphinde lusi shaye ngemfe iphindiwe , sigcine sesuli hlomele oksenza siphenduke izinaphu naphu ezathunywa icuba zabuya neboza yazi empelen sakhula sithi esaqala nabo syoqeda nabo , kepha belu engathi umageba usihlaba inhlali uthi sazalwa nabanye syofa nabanye .Empeleni ngsashawa uvalo uma ngetshisa nge thokazi elali mnene kuhle kwe juba, kepha lahangula kuhle komlilo wequbula selfuna ukphuma empilweni yami. Ngishi kwanhliziyo lena isaqhuma izibili uma ngicabanga..........
Poetry Books 50% Off
Bestselling collections from top poets
